Rebecca Malope - Ulahlekile paroles de chanson

paroles de chanson Ulahlekile - Rebecca Malope



Mntanami ngibhala lencwadi
Ngenhliziyo ebuhlungu
Mhlawumbe uzothi umuyithola
Ngizobe ngingasekho Laph′emlabeni
Isiphelile iminyaka elishumi
Wena uhambile
Wang'shiya nalengane zakho ezithathu
Wawucabangeni welahlekile? Wawucabangeni?
(Olusizi, olungaka)
Mina angeke ngiyimele
Angeke
Amandla asephelile
Wemtanami
(Olusizi, olungaka)
Wawucabangeni na?
Welahlekile!!!
Ohh mntanami
Nazi lezingane ngihlezi nazo
Ngihlezi nazo kulomkhukhu owasishiya kuwo
Wona lona onethayo uma imvula ina!
Zithamba kunye nami mntanami
Zikhala kunye nami
Zihlupheka kunye nami
Omakhelwane bangihleka kunye nazo
Ngisho lezingane zakho owangishiya nazo iminyaka elishumi eyadlula
Lezizingane eziphuma okhalweni lwakho
Izingane lezi eziphuma emathunjini akho
Izingane lezi ezi zelwe nguwe mntanami
Lezizingane ezingabazi obaba bazo kuze kube yinamhlanje
Yizona eziyongivala amehlo
Yizona futhi ezizobonisa umfundisi izambatho zami zasenkonzweni
Yizona ezizobonisa umfundisi amathikithi ami okweshumi
Ohh mntanami okungizwisa ubuhlungu kakhulu yilona wentombazanyane
Ngoba usekhulile
Futhi usewabonile namalanga akhe
Akanawo ngisho amabhulukwana angaphansi
Ugqoka amabhulukwana omfowabo omncane
Akanalutho
Ohh akanalutho mntanami
Futhi angangidalela nengozi
Ohh mntanami buye′khaya
Buya uzoqoqa ihlazo lwakho
Futhi ubuwazi ukuthi mina angiphilile kahle
Nezinhlungu zomzimba zihlasele ngamandla
Ohhho nelanga selingishonele mntanami
Mhlawumbe uzothi muthola lencwadi mina ng'zobe sengigcwatshiwe
Uzoboniswa yizona lezingane ithuna lami
Ohh mntanami bengingafuni ukukubhalela incwadi
Bengifuna ukuthi sikhulume umlomo nomlomo
Ohh ngizothi mangiqeda ukubhala lencwadi besengiphuza
Amaphilisi ami ezinhlungu khona ngizokwazi ukuthola ubuthongo mntanami
Ohhh mntanami into engiyithandazelayo
Ukuthi uNkulunkulu akubheke lawukhona
Akuphephise
Angazi noma mntanami unabanye abantwana na?
Kazi la ukhona unezinye izingane na?
Oh ungaphinde ungilethele iy'ngane ezingenabo obaba.
Engikuthandazelayo nje mntanami Ukuthi uNkulunkulu akugcine
Akugcine akuphephise
Ubuye uzobona iy′ngane zakho.
Kazi ngabe mntanami usazikhumbula izimfundiso zami na?
Ngabe usawakhumbula amagama ami
Ney′thembiso owazenza kimi usazikhumbula na?



Writer(s): Thuso Motaung, Malope Rebecca


Rebecca Malope - Rebecca Malope: Greatest Hits
Album Rebecca Malope: Greatest Hits
date de sortie
06-02-2007




Attention! N'hésitez pas à laisser des commentaires.