Lusanda Spiritual Group - Ngifun' Izulu Lyrics

Lyrics Ngifun' Izulu - Lusanda Spiritual Group



Ngingumfokazi laph'emhlabeni
Ngifun'izulu,ikhaya lam
Nom'inkathazo isendleleni
Ngophumelela njoJesu wam
Useceleni eduze nami
Ebheka njal'ukuhamba kwam
Uzongisiza nasekufeni
Angingenise ekhaya lam
Noma ngigqok'amanikiniki
Ikhon'ingubo emhlophe qhwa
Icolekile ngizoyembatha
Mhla ngiqedile ibanga la
Nxa nginosizi nezinkathazo
Ngihlekw'usulu,ngidelwa nje
Kolunga konke nxa ngingenile
Ekhaya lami elihle hle
Noma ngithwele isiphambano
Sinzima sona,ngisindwa la
Ngizowuthola umqhele lapho
Okokuphila Haleluya!
Ngimbone yena ongithandayo
Ngihlale naye uMfeli wam
Ngihube khona igam'elisha
Lokudumisa iNkosi yam



Writer(s): Lusanda Perseverance Mcinga


Lusanda Spiritual Group - Ngifun' Izulu
Album Ngifun' Izulu
date of release
01-03-2002




Attention! Feel free to leave feedback.