Nimbus - Ngabusuzwile текст песни

Текст песни Ngabusuzwile - Nimbus



Yey!
Ezase hostela lezi. uMasiteng mayesho kuGagashe
Ehhe!
Gxamalaza Uphum′ Jovela
Kube mina ngigwinyiwe yiGoli (Yey)
Ngabusuzwile
Kube imali idliwe yizintombi (Yey)
Ngabusuzwile
Kube izinto azihamb' ikahle (Yey)
Ngabusuzwile! Yey! Ngabusuzwile
Nangempela. Ngabusuzwile
Yayizwa igqom′ ekhala kulengoma
NginguS'thole, ng'zalwa uMaDhlomo
Seng′khona, ng′fike nayizolo
Mabengibona baguqa amadolo
Nazoke, kujika amasondo, ngawulola umcibisholo
Ngawudonsa, kwadidika umqondo, kwadlula izintombi
Kwagida amadoda
As'bonge ilanga lisase khona. Kusehlobo angeke ugodolo
Wayikhokha imali yeqolo, ungabusazisola, angeke
Usayithola
Kwangena umashonisa, ngamnika eziyisikhombisa
Nawu lomuzi onotshwala, ngavela ngamkhombisa
Wenza engathi uyangixoxisa, kanti yena uyangibhayizisa
Ngakhonjwa nges′bhamu ebusweni, engekho amaphoyisa
Inhliziyo ngayipholisa, kodwa kumele ezoxolisa
Ngiyanyuka ngiyaphezulu, mayengibona uzongihlonipha
Ayihlome, iphinde futhi ihlasele, mayikhona, s'vele siyilahlele
Bona nge NN kwi-numberplate ukuthi lona uphuma eNewcastle
Imoto thina siyayinyathela. Igqom′ iphula amafasitela
Bayabona ukuthi kuyehlela, kodwa bafuna ukusithathela
Kube mina ngigwinyiwe yiGoli (Yey)
Ngabusuzwile
Kube imali idliwe yizintombi (Yey)
Ngabusuzwile
Kube izinto azihamb' ikahle (Yey)
Ngabusuzwile! Yey! Ngabusuzwile
Nangempela. Ngabusuzwile!
Yinhle ngempela lentombi, ngifisa ukubona uyihlo nonyoko
Ngaphinde ngacela engayokhombi, ngifisa engathi ngingam′bona
Ngesonto
Babiz' amathongo. Anikhuzeni imhlolo
Badlala ngemali. Udlala ngothando
WeNimbus, uyabona uyislima ikhanda lonke
Lentombi ibizokudla ubuzoslima umzimba wonke
Vula amahlo, angeke uthembe abantu bonke
Ng'yokuthandazela, s′yobiz′ ibandla lonke
Bengifuna yena, bengingayifuna izintombizonke
Nginithanda nonke. Nginibonga nonke
Ukuthi usuku lwami belunjani, ngicela ungangibuzi
Ngabe ngiyakhala manje akusizi, kwahlula imbuzi
Angeke ngivume kungiphazamise, k'mele ngik′khuze
Ngisebenzile bengizamile, kodwa kusavuza
Kube mina ngigwinyiwe yiGoli (Yey)
Ngabusuzwile
Kube imali idliwe yizintombi (Yey)
Ngabusuzwile
Kube izinto azihamb' ikahle (Yey)
Ngabusuzwile! Yey! Ngabusuzwile
Nangempela. Ngabusuzwile
Khumbula sidlala u-1 Pali, sigxuma, singakhathali
Liyaduma iZulu al′khali, ngiphuma kwaZulu, ubuni uNatali?
Ngiyavuma manje, angidlali
Ngiyavula kodwa angivali, siyayifuna sonke lemali
NgiBhek'umuzi kukhal′ uMaskandi
S'yadlula, wena ungasali. Uyasibuka awuzenzeli ngani
Ngiyakukhuza yekela inkani
Mina ngiyabuza, ubuzwe ngobani?
Kube mina ngigwinyiwe yiGoli (Yey)
Ngabusuzwile
Kube imali idliwe yizintombi (Yey)
Ngabusuzwile
Kube izinto azihamb' ikahle (Yey)
Ngabusuzwile! Yey! Ngabusuzwile
Nangempela. Ngabusuzwile




Nimbus - Nimbus
Альбом Nimbus
дата релиза
01-03-2019



Внимание! Не стесняйтесь оставлять отзывы.